Ukuqhunyiswa komhlaba ngokusebenzisa amanzi akho!

-Abafundi beGeography  (Cebisa, Nqobani, Latha)

Iyini I-Fracking?Umsebenzi wokuqhumisa amadwala angaphansi komhlaba ngenhloso yokumoma igesi kusetshenziswa izigidi eziphindiwe zamalitha amanzi.

Yenziwa kanjani? 

• Kubholwa umthombo olinganiselwa emakhilomitheni amahlanu(5km) ukushona namakhilomitha amathathu (3km)ububanzi. 

• Amanzi alinganiselwa ezigidini ezimbili kuya kweziyisishiyagalomblili zamalitha ahlanganiswa nesihlabathi kanye namakhemikhali ayingozi abesefakwa kule mithombo ngaphansi kwenkulu ingcindezi. 

• Le ngcindezi eqhamuka esihlabathini sihlangene namakhemikhali igcina ivule imifantu emadwaleni bese amadwala adedela igesi.

 FrackingWaterGraphic

Ikuthinta ngani wena qobolwakho i-Fracking?Uthi bewazi nje? Ukuthi izwe laseNingizimu Afrika lifuna ukuvumela izinkampani zangaphandle njenge Rhino Oil ukuba zizokwenza i-Fracking endaweni yakho, kusetshenziswe namanzi akho?

Uyazi ukuthi lokhu kungachazani kuwe?Indawo yakho enokuthula, ehlanzekile, enamanzi ahlanzekile, enomoya ohlanzekile, umhlabathi ovundile kanye nemfuyo yakho, konke lokhu kungaphenduka umlando kuwe kanye nesizukulwane sakho.

Ubungozi bamakhemikhali asetshenziswa kwi-FrackingAmakhemikhali asetshenziswa uma kwenziwa i-fracking afana ne Arsenic, Benzene,Randon Methane,ne-Chloride anobungozi obuthusayo, obufana nalobu: 

• Angabanga umdlavuza wamaphaphu kanye nowezinso. 

• Amanzi angcoliswe ikhemikhali u-Methane angabanga isifo sohudo. 

• Indawo lapho okade kwenziwa khona i-Fracking isala ilugwadule

• Amakhemikhali angcolisa amanzi angaphansi komhlaba nalawo asemhlabeni

• Lokhu kudala ukuthi amanzi angabe esakwazi ukuphinde asebenziseke 

• Awasaphuzeki, akusetshaleki ngawo, imfuyo ayisakwazi ukuwaphuza ngale kwalokho iyafa 

• Nomhlaba angeke usalimeka emveni kokusebenza kwale mboni

fracking 2Qaphela lokhu!Uhulumeni unethemba futhi uthembisa ngokwanda kwamathuba omsebenzi kanye nokuthuthuka komnotho wezokumbiwa phansi okuzolethwa yile mboni!Nokho, khumbula ukuthi izinkampani ezenza lokhu kumanje zixoshiwe emazweni azo anjengeMelika ngakho asikwazi ukulindela usizo kubantu abafana nalabo.

Yini ongayenza wena? 

Nawe ungafaka isandla ekulekeleleni ukulwisana nale mboni. 

• Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nalolu hlelo 

• Xoxela omakhelwane kanye nomphakathi wonke 

• Yenza isiqiniseko sokuthi umbiko uyasabalala nakwabanye abakude nawe 

• Landelela kabanzi ngokuqhubekayo mayelana nezinhlelo

frack fin 2

 fracklast

Fracking KZN: Rhino ‘Trash’ and ‘Spoil’ – The Answer is Still No! – Submission for Public Comment Plans to Frack

To whom it may concernRE: Rhino ‘Trash’ and ‘Spoil' Application for Exploration Rights – Invitation for Public CommentThe answer is...
MORE DETAILS

Fracking – Open Letter to Parliament

Who can hear our cry for help? Our inheritance from our fathers is in grave danger and we seem to...
MORE DETAILS

Press Release: Fracking – Big firms bulldozing their way through our land of sorrows and struggles

We are upset. Communities throughout South Africa are upset. We are highly upset by the audacity of big gas and...
MORE DETAILS