Incwadi kubazali: Abe LGBTQ kumele bayeke ukusiphoqela ezindatsheni zobulili

Sicela Nisilekele! Sethukile. Izimfundiso zakwamanye amazwe zifohlela ukungena ezikoleni zethu eWestern Cape. Abe LGBTQ bafuna sivumelane nabo besiphoqela ezindleleni zabo nasendleleni yabo yokucabanga. Ingabe abe LGBTQ asebeqile imingcele yokusebenzisa amalungelo abo ngokufuna ukuphoqa bonke abantu esikoleni ukuba bahambisane nabo?

Ingabe asisenayo inululeko yokuveza imibono yethu nje ngabadabuki baseAfrica sisezweni lethu? Esikulangazelelayo ukubona inkululeko kanye nobulungiswa. Kodwa siyasatshiswa, sicindezelwa futhi sihlaziswa ngalezi zindlela zalamaqembu avumelana nayo yonke into, nokuthi bafune ukuguqula imiqondo yethu ngento abazikhethele bona yona, ngisho nasezikoleni.

Uma kudlula I COVID-19 silindele ukuthi sizoqhubeka nezemidlalo, kodwa kuyawehlula umqondo ukuthi sizolindeleka ukuba siqhudelane nabantu besilisa ngoba iqiniso ukuthi bona banamandla kunathi, bebe bethi bona bangamantombazane. Sizodlala kanjani ibhola lomnqakiswano nemdondoshiya emide ithi ingamantombazane?

Uma sidinga ukuya ezindlini zangasese, zisokumela kanjani ukunqwamana nomfana nogaba ezibona ukuthi uyintombazane ngakho uzizwela kungcono ukuzebenzisa izindlu zangasese zamantombazane? Okusethusayo, ukuthi lowo muntu angaguquka noma yinini, uma namhlanje ezizwela engumfana-ntombazane kusasa ubanai ozokwazi uma esekhetha ukuba umfana ngqo? Ingabe kuzoqashwa othisha ukuba baqaphe izinkundla zemidlalo kanye nezindlu sangasese ngezikhathi zamakhefu?

Kulesi sikhathi sodlame oluqondene nabantu besifazane ezweni lethu, asiphephile neze. Kungani labo izicubu zabo zomzimba ezikhomba ukuthi bangabalisa (XY Chromosomes) bengahlukaniswa endaweni yalabo izicubu zamo ezikhomba ukuthi bangabesifazane (XX Chromosomes).

Siyacela ukuthi umnyango wezemfundo uvumele ukuthi uma isicubu zomzimba sithi umuntu uyintombazane (XX), abe yintombazane, uma sithi ungumlisa (XY) abe ngumlisa. Amaqembu ezepolitiki kumele athole amavoti awo nokuthembeka ngokuthi avikele amalungelo ethu, kanye nokuphepha nokuthi sikhululeke ukuba yilokho esiyikho ngokokudalwa – XX noma XY – esikhundleni sokhuthi sithunjwe ukuba ihambisane nomqondo walama qembu futhi ophambene ne sayensi.

Silekeleleni ukuba lezi zimfundiso zakwamanye amazwe ziphume phele ezifundweni zethu.

Sorry, we couldn't find any posts. Please try a different search.